Ekusungulweni kwe-NER(Umlawuli kagesi ezingeni lika Zwelonke) ngoMbasa enyakeni ka-1995, I-NER yazibophezela ekwenyuseni izinga lokwethula umsebenzi eMbonini yokuPhakela uGesi (ESI). Kwabe sekusungulwa amaqophelo okwethula lo msebenzi futhi aphasiswa nguMlawuli ukuze bonke abaphakeli bogesi baqinisekise ukuthi abathengi bathola izinga elemukelekile lamaqophelo osizo. Elinye iqhaza elidlalwa yi-NER njengamanje wukuqaphela igalelo labaphakeli bogesi ngokuliqhathanisa nala maqophelo anqunyiwe.
Umlawuli uyakubona futhi ukuthi abathengi banendima okufanele bayidlale emkhakheni wokulawula. Kukholakala ukuthi uma abathengi beqonda kahle amaqophelo omsebenzi othulwayo njengamanje, bayokwazi ukuphonsa inselelo kubaphakeli bogesi futhi babe nezwi lokwenza ngcono isimo sokuphakelwa kogesi. Ngakho-ke, abathengi kufanele bazi amazinga omsebenzi abanegunya lawo. Kuze kube yimanje, I-NER isisungule umqulu ofundeka kalula nohehayo kubathengi. Lomqulu uthathelwe kulowo okhona ngaphandle kokuguqula ingqikithi yawo.
Umlawuli kagesi osezingeni likaZwelonke (NER) wasiphawula kudala isidingo sokwethula amaqophelo ezinga lokwethula umsebenzi embonini yokuphakela ugesi; amaqophelo okwethula izidingo zogesi angalindelwa ngabathengi bezinhlaka ezehlukene zalabo abasebenzisa ugesi kanjalo nezinga okufanele lifezwe ngabaphakeli bogesi.
Abaphakeli bogesi kufanele bethule umbiko ku-NER ngeqophelo lomsebenzi wabo lapho liqhathaniswa namazinga abekiwe. Lokhu kwenziwa ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abaphakeli bagcine lamaqophelo.
Leli bhukwana lihlose ukwazisa abathengi bogesi abawukhokhela kuqala ngeqophelo lezinga lomsebenzi abangawulindela kubaphakeli bogesi nokunika abathengi umqondo ongcono ngesigaba-NRS 047 ngendlela esibathinta ngayo.
Ukukala ugesi okhokhelwa kuqala kuvumela abathengi ithuba lokuthenga amandla ogesi kuqala ngamanani abakwazi ukuwammela. Ngaphezulu kwalokho, abathengi abahlangabezani nezikweletu zogesi ekupheleni kwenyanga nokungenzeka behluleke ukuzikhokhela.
Leli bhukwana lichaza nemigudu engasetshenziswa ngumthengi lapho kuqhamuka ingxabano phakathi komphakeli kagesi nabo mayelana neqophelo lomsebenzi.
Kubalulekile nokho ukugcizelela ukuthi i-NER ilindele abathengi kanye nomphakeli ofanele ukuba bazame ukuzixazululela ingxabano yabo ngaphambi kokufaka isikhalo kwi-NER.
Ngokuvamile, I-NER angeke ibandanyeke ngaphandle uma leyo ngxabano ingakwazi ukuxazululeka ezingeni lendawo.
Amagama athile asetshenziswa kakhulu embonini yokuphakela ugesi kanti kubathengi bogesi kuwusizo ukubaqwashisa ngencazelo yala magama.
Ukunqamula ugesi okuhleliwe: ukunqamula ukuphakelwa kogesi okuhleliwe kwenziwa wumphakeli kagesi lapho eqhuba umsebenzi wokulungisa noma exhuma izintambo zogesi.
Ukunqamula ugesi okuphoqiwe: ukunqamula ugesi okwenzeka ngenxa yephutha elithile ezintanjengi zogesi noma ngesizathu sempahla esebenza ngogesi engasebenzi kahle.
Izintambo zogesi ezisemaphandleni: izintambo zogesi eziphakela ugesi ezindaweni ezigqagqene, njengemiphakathi yamakhosi kanye nasemapulazini, nengavamile ukuba nengqalasizinda enhle njengemigwaqo.
Izintambo zogesi ezisemadolobheni: izintambo zogesi eziphakela izindawo zokuhlala eziminyene ezivame ingqalasizinda eyakheke kahle.
Ukuphakela ugesi okwesikhashana: ukuphakela ugesi kumthengi ngaphansi kwesimo esinomehluko. Ukuphakela ugesi kungenzeka kungahambisani neqophelo elivamile lomsebenzi.
Amandla aphansi kagesi: avame ukusetshenziswa ekuphakeleni abathengi basezindlini noma abahwebi abancane.
Amandla ogesi aphakathi nendawo: Avame ukusetshenziswa ekusabalaliseni ugesi nokuphakela izimboni noma abathengi abangabahhwebi.
Isigqebhezi sogesi: Leli yipheshana lobufakazi (irisidi) elitholakala ngemuva kokukhokhela ugesi nelivumela umthengi ukuba asebenzise inani elithile logesi. Lisebenza ngokufakwa esigujini sogesi okhokhelwa kuqala.
Isigubhu sokukala ugesi okhokhelwa kuqala: isikhali sokukala ugesi odlekayo. Inani elehlukene logesi othengwayo lifakwa kuso lesi sigubhu.
Isikhungo sokuhhweba nokuthenga ugesi: Umshini oxhunywe emagcekeni ebhizinisi osetshenziswa ekukhiqizeni amanani ogesi othengwa ngabathengi bogesi okhokhelwa kuqala.
Iqophelo lokuPhakela ugesi: izinga elilindelwe lokuphakela ugesi, njengamazinga amandla ogesi, ukuphazamiseka, ukwehla nokwenyuka kwamandla, njalonjalo njengoba kuchazwe eNgxenyeni- 2 ka-NRS 048.
Isikweletu/Abathengi abasebenzisa izigubhu zogesi wesikweletu: laba ngabathengi abasebenzisa ugesi ngesikweletu bese kufika umphakeli kagesi ezofunda inani logesi osetshenzisiwe.
Amazinga omsebenzi anqunywe ngaphansi kuka-NRS 047 eNgxenyeni- 1 yilawo okungenani umphakeli kagesi okufanele azame ukuhlangabezana nawo, kodwa abaphakeli bakagesi bakhuthazwa ukwenyusa izinga eliwedlulayo lamazinga aphansi abekiwe.
Ezigamekweni lapho umphakeli kagesi ehluleka ukuhlangabezana nezinga elilindelwe ngenxa yezizathu ezingaphezulu kwamandla akhe, angeke babekwe icala lokwehluleka ukusebenza bafinyelele emazingeni anqunyiwe. Lezo zimo zifana nesimo sempi, ukweba nokucekela phansi, isiteleka embonini, izingozi zemoto nezimo zezulu ezixakile. Izimo ezisohlwini olungenhla aziphelele kodwa kuqondwe ngazo ukwenza umzekelo ngomqondo okufanele ubuse isigameko.
Uma kwenzeka kuqubuka ingxabano nomthengi ngezinga lomsebenzi owethuliwe, kusemahlombe omphakeli kagesi ukuzama ukuxazulula inkinga ekhona ngokusebenzisa imigudu efanele yokubonisana. Ngalendlela, uma sekufakwe isikhalo, umphakeli kagesi kumele azise inkundla, isikhathi nendawo lapho kuyokwenziwa khona amalinge okuxazulula udaba.
Kufanele kugcizelelwe ukuthi i-NER iyobandanyeka kuphela uma izingxoxo zokuxazulula sezehlulekile.
Kusemqoka kubathengi ukulandela imigomo ebekwe phansi ngabaphakeli bogesi, ukunika ulwazi nokugcwalisa yonke imibhalo nezincwadi ezidingekayo nokukhokha zonke izindleko ezinqunyiwe.
Uma kuqubuka ingxabano ngamazinga omsebenzi, isibonelo ubuqiniso besigubhu sogesi somthengi, kubalulekile kumthengi ukukhokha kuqala inkokhelo enqunyiwe ngaphambi kokuba udaba luphenywe. Lemali iyobuyiswa uma ubuqiniso bokubala kwesigubhu butholakala ukuthi abulungile.
Umthengi kufanele aqale ngokunika umphakeli kagesi ithuba lokuxazulula noma yiluphi udaba. Kufanele edlulisele udaba kwi-NER esigamekweni sokwehluleka ukufinyelela esivumelwaneni.
Izinsuku eziyi-10 uma zingasetshenziswa izintambo ezivele zikhona noma umucu oxhuma entanjeni engena ngaphakathi egcekeni.
Inyanga e-1 uma kudingeka ugesi onamandla amancane (amandla kagesi aphakela izindlu zasekhaya namabhizinisi amancane) noma onamandla aphakathi nendawo (amandla kagesi asetshenziswa asatshalaliswa nendawo) nalapho kunesidingo sokuxhuma kwingqalasizinda evele ikhona.
Uma kufanele kuhlelwe ingqalasizinda entsha yamandla kagesi aphakathi nendawo, umthengi nomphakeli kagesi kumele baxoxisane ngesikhathi sokulungisa isilinganiso sentengo.
Izinsuku ezinga-30 uma kuyosetshenziswa izintambo ezivele zikhona.
Izinyanga ezi-2 uma kudingeka izintambo zokuxhuma ugesi onamandla amancane noma aphakathi nendawo nezidonswa ezintanjeni ezivele sezikhona.
Ngaphansi kwesimo sokwakha ingqalasizinda entsha yamandla kagesi aphakathi nendawo, umthengi nomphakeli kagesi kufanele baxoxisane ngesikhathi esiyothathwa kuze kuphele ukwakhiwa kwengqalasizinda.
Umphakeli kagesi kufanele aqikelele ukuthi bonke abathengi abawukhokhela kuqala ugesi banikwa ulwazi oluthile olubalulekile ngesikhathi sokuxhunywa kogesi. Lokhu kumele kwenziwe ngokusabalalisa amapheshana olwazi afanele ngaso lesi sikhathi.
Imithetho egcwele yokusebenzisa isigubhu sogesi okhokhelwa kuqala...
Uhlobo lwekhadi eliyosetshenziswa nokuthi lithengwa futhi lisetshenziswa kanjani.
Inkokhelo ngesigamu (iyunithi) ngasinye samandla ogesi, leso sigamu kufanele sikhonjiswe ezikhungweni ezidayisa amakhadi.
Indawo okutholakala kuyo izindawo zokudayisa ugesi nezikhathi zokusebenza.
Izinombolo zocingo zokuxhumana namakheli lapho abathengi bengathola khona ulwazi nalapho bengakwazi khona ukuthola usizo lokuxazulula izinkinga zabo.
Inqubo okufanele ilandelwe uma umthengi esola ukuthi kunenkinga ngobuqiniso besibalo sesigubhu sogesi okhokhelwa kuqala kanjalo nenkokhelo ebizwa wumphakeli kagesi lapho ehlola ubuqiniso bezibalo zesigubhu.
Inqubo eyolandelwa wumphakeli kagesi uma ehluleka ukungena ngaphakathi kwegceke ukuze ahlole isigubhu sikagesi okhokhelwa kuqala.
Inqubo eyolandelwa ngumphakeli kagesi uma kutholakala ukuthi umthengi uye waphazamisa noma waganga nganoma iyiphi indlela ngokusebenza kogesi kanye nenhlawulo eyokwethweswa yena.
Inqubo yokunqamula ugesi ngemuva kwesicelo esifakwe ngumthengi.
Uma kwenzeka, inqubo yokuqoqa isikweletu okungenzeka sidalwe ngumthengi.
Kufanele kuqashelwe ukuthi isikweletu noma ukusalela ngemuva ngenkokhelo kungenzeka kusukele kumthengi wesikhathi sakudala noma kube wumphumela wophenyo lokusetshenziswa kogesi ngemuva kwesikhathi esithile nokuholela ekutholeni ukuthi umthengi wake waphazamisa ukuphakelwa kogesi ngenhloso yokuntshontsha umbani.
Izinguquko emananini ogesi kulabo bathengi abakhokha kuqala kufanele zikhonjiswe ngokubhalwa ezikhungweni zokuthengisa amakhadi kagesi kanjalo nangezinye izindlela ezifanele.
Izindawo okuzinze kuzo izikhungo zokudayisa ugesi kanye nesibalo esikhishwa ngumphakeli kagesi sincike kakhulu esibalweni nasekuminyaneni kwabathengi kuleyo ndawo. Ngokucacile, uma indawo igqagqene kuyiqiniso ukuthi angeke kwaba yisu elinokonga kumphakeli kagesi ukuxhuma isikhungo sokudayisa ugesi kuleyo ndawo. Inqubo evamile wukuthi umphakeli kagesi ukanisa isikhungo sokudayisa ugesi endaweni eqhele kubathengi ngaphansi kobubanzi besiyingi esingamakhilomitha amahlanu ukusuka ekhaya lomuntu osebenzisa ugesi wekhadi.
Uma indawo iminyene kakhulu, umphakeli kagesi angakanisa izikhungo zokudayisa ezingaphezulu kwesisodwa. Kanjalo, njengenkomba, umphakeli kagesi uyokwakha isikhungo esisodwa sokudayisa ugesi njalo ngabathengi abayizinkulungwane ezimbili endaweni.
Ngenxa yohlobo loluchwepheshe bezigubhu zogesi okhokhelwa kuqala, kubalulekile ukuba abathengi bakwazi ukufinyelela esikhungweni sokuthenga amakhadi afanele kagesi. Abanye abaphakeli bogesi bethula imishini yokudayisa ugesi esebenza ngaphandle komuntu lapho abathengi bengazithengela amakhadi nganoma yisiphi isikhathi, ebusuku noma emini.
I-NRS 047 ilawula ukuthi uma zingekho lezo zikhungo eziyimishini ezishintshayo, kumele kube nezinye izikhungo ezivulelwa ukudayisa amakhadi ngezikhathi ezejwayelekile zokuthenga phakathi nesonto bese kuvulwa ngehora lesi-8 kuya kwe-l2 njalo ngezimpelasonto nangamaholide. Lezi yizikhathi ezimisiwe zokuvula kanti osomabhizinisi bayakhuthazwa ukuzenza ngcono lezi zikhathi.
Ezinye izikhungo zokudayisa ugesi zingaguqula kancane izikhathi zokuvula kanti bangavala ezinsukwini ezithile, inqobo uma zikhona ezinye izikhungo ezisebenzayo eduze naleyo ndawo.
Umthengi kagesi okhokhelwa kuqala angacela umphakeli ukuba ahlole ubuqiniso besibalo sesigubhu. Uma efuna lolo sizo, uyokhokha inkokhelo ebekiwe.
Lenkokhelo iyobuyiswa uma kutholakala ukuthi isigubhu asibali ngobuqiniso. Abathengi kufanele baqaphele ukuthi izindleko zesigamu ngasinye samandla ogesi esisetshenziswe esigujini sogesi okhokhelwa kuqala sivame ukuba phezulu kancane kunaleso esisetshenziswa ogesini wesikweletu. Umphakeli kagesi ukwenza lokhu ngenhloso yokubuyisa izindleko zengqalasizinda elahleka ngesikhathi sokuxhuma izigubhu zogesi endaweni yasemaphandleni lapho abathengi bekhokha khona imadlana engatheni ukuze baxhunyelwe ugesi.
Umphakeli kagesi kufanele aqede ukuhlola ubuqiniso bokubala kwesigubhu zingakapheli izinsuku eziyishumi nanhlanu ngemuva kokuthola inkokhelo ebekiwe. Umphakeli kumele athathe inani lezigamu zombani ngaphambi kokuqala umsebenzi wokuhlola bese eqikelela ukuthi umthengi uyabuyiselwa lezo zigamu ekade zikhona esigujini ngaphambi komsebenzi.
Isigubhu sogesi okhokhelwa kuqala nemishini yokuphakela ugesi ehambisana naso yifa lomphakeli kagesi, ngakho umphakeli kagesi unelungelo nesibophezelo sokuhlola lowo mshini ongaphakathi kwamagceke omthengi ngezikhathi ezinomqondo. Ngakho abathengi kufanele bavumele umphakeli kagesi noma lowo oqokwe ngumphakeli ukuba anikwe ilungelo lokungena ngenhloso yokuhlola.
Umphakeli kagesi noma lowo oqokiwe kufanele ahlale egqoke isigqebhezana esimenza abonakale kanti abathengi banegunya lokufuna isibonakaliso sokuthi ngoqokiwe ngempela ngaphambi kokumvumela ukuba angene. Uma kwenzeka lowo onegunya lokungena ezama izikhashana ukufinyelela esigujini kodwa ehlangabezana nengqinamba yokungena, umphakeli kagesi angakunqamula ukuphakela ugesi ngemuva kokunika umthengi isaziso esifanele eseyisexwayiso.
Njengoba sekuphawuliwe ngaphambilini, umthengi angacela ukunqanyulelwa ugesi okhokhelwa kuqala ngenxa yezizathu ezehlukene. Izizathu ezifana nalezi zingaxuba ukuxhuma noma izinguquko ezenzeka egcekeni lomthengi noma uguquko endaweni okumiswe kuyo isigubhu sogesi okhokhelwa kuqala ngaphakathi egcekeni.
Ngemuva kokuthola isicelo sokuxhuma kabusha ugesi, umphakeli unezinsuku ezimbili zokuqeda umsebenzi. Umthengi kumele aqaphele ukuthi lombandela awusebenzi lapho ugesi unqanyulwe ngesizathu somthengi oke waganga ngawo ngenhloso yokuntshontsha amandla ogesi.
Ukuphazamiseka kogesi okungahlelwanga okukhomba ugesi olahleka ngenxa yamaphutha ezintanjeni zogesi kulandela isiphepho, umonakalo odalwa yimpahla esebenzisa amandla ogesi, njalonjalo kuvamile izikhathi ngezikhathi. Ngaphansi kwalezi zimo, umphakeli kagesi akanacala lezindleko ezidaleka ngokulahleka kwamandla ogesi ngaphandle uma kunobufakazi bokuthi umphakeli kagesi ube nobudedengu ngandlela thize. Ubudedengu obunjena bungadalwa wukwehluleka ukulonda ngendlela efanele izintambo zokuxhuma ugesi. Kubaluleke kakhulu ukubhala usuku, isikhathi sokwenzeka nobude besikhathi iphutha lingakalungiswa nokuthinta umphakeli kagesi ngokushesha, ikakhulu uma umthengi elahlekelwe yimpahla eyonakalayo noma umonakalo empahleni esebenza ngogesi ngesizathu esidalwe ngqo wukunqamuka kogesi.
Izikhawu zempinda yalokhu kunqamuka nezikhathi zakhona zokubuya kogesi kuyoncika ohlotsheni lwezintambo zokuphakela ugesi. Isibonelo, umthengi ophakelwa ugesi ovela ezintanjeni zasedolobheni ezixhunywe kahle angalindela ukunqamuka kogesi okumbalwa nokulungiswa kwawo okuphuthumayo kunomthengi ophakelwa ezintanjeni zasemaphandleni lapho kungaba nezintambo ezimbalwa noma ezingekho nhlobo.
Iziwombe zamaphutha nobude besikhathi sokulungiswa kogesi kuyoshiyana ezindaweni ezisemadolobheni kuye ngokuthi izintambo zigqitshiwe noma zihamba phezulu. Izintambo eziningi emaphandleni zihamba phezulu.
Uma umthengi evame ukuhlukumezeka ngokunqamuka kogesi okungahleliwe, usuku, isikhathi nobude besigameko kufanele bubhalwe phansi bese kwaziswa umphakeli kagesi. Uma ungekho umehluko owenzekayo, umthengi angedlulisela kwi-NER udaba lwakhe. (Bona imininingwane yokuxhumana ekhasini elingemuva).
Umphakeli kagesi kufanele ethule uhlelo lokwemukela imibiko yezincingo lwamahora angama-24 ukuze abathengi bakwazi ukubika amaphutha enzekayo. Iphutha ngalinye elibikwayo malinikwe inombolo ehlukile. Inhloso yenombolo ukuba umthengi akwazi ukulandela iphutha elinikiwe lapho kuvela isidingo.
Uhlobo lwamaphutha lwehluke kakhulu kanti akulula ukunika abathengi isilinganiso esiqondile sesikhathi esidingekayo sokubuyisa amandla kagesi. Abathengi bangathola isiqiniseko sokuthi cishe wonke amaphutha ayolungiswa namandla ogesi abuye engakapheli amahora angamashumi amabili nane, ngaphandle kwasesimweni esingavamile.
Izinkomba ezilandelayo zibonisa izikhawu zokunqamuka kogesi okuyimpoqo nokungalindelwa ngabathengi bogesi abawukhokhela kuqala ngaphansi kwezimo ezehlukene zezintambo zogesi.
Abathengi abaphakelwa ngezintambo ezihamba phezulu akumele bahlangabezane nezigameko zokunqamuka kogesi okuphoqiwe okungaphezulu kwamahlandla ayisithupha ngonyaka. Lesi yisikhathi esilinganiselwa ekunqamukeni okuphelele kogesi okungevile emahoreni ayi-12 kulowo nyaka.
Abathengi abaphekelwa ugesi ngezintambo ezigqitshiwe akufanele bahlangabezane nokuphazamiseka kogesi okuyimpoqo okungaphezulu kwamahlandla ama-4 ngonyaka. Lesi yisikhathi esilinganiselwa ekunqamukeni okuphelele kogesi okungevile emahoreni ayi-12 kulowo nyaka.
Abathengi abaphakelwa ugesi ezintanjeni ezihamba phezulu akufanele bahlangabezane nokunqamuka kogesi okungaphezulu kwamahlandla ayi-10 ngonyaka. Lesi yisikhathi esilinganiselwa ekunqamukeni okuphelele kogesi okungevile emahoreni angama-20 kulowo nyaka.
Abathengi abaphakelwa ugesi ngezintambo ezigqitshiwe akufanele bahlangabezane nokuphazamiseka kogesi okuyimpoqo okungaphezulu kwamahlandla ama-4 ngonyaka. Lesi yisikhathi esilinganiselwa ekunqamukeni okuphelele kogesi okungevile emahoreni angama-30 kulowo nyaka.
Laba bathengi akufanele bahlangabezane nokuphazamiseka kogesi okuyimpoqo okungaphezulu kwamahlandla angama-60 ngonyaka. Lesi yisikhathi esilinganiselwa ekunqamukeni okuphelele kogesi okungevile emahoreni angama-200.
Kufanele kuphawuleke ukuthi iziwombe zokunqamuka kogesi kulesi sigaba sokugcina ziphezulu kakhulu kunezinye izigaba ngesizathu sokuthi izintambo zasemaphandleni ezihamba phezulu zihlukunyezwa yizimo ezixakile zezulu. Akuvamile ukuthola eminye imisuka nemixhantela lapho kungatholwa khona amandla ogesi.
Abaphakeli bogesi bejwayele ukuba nohlu lwabathengi abasengcupheni uma kuvela isidingo sokulungisa ugesi ngemuva kokunqamuka okuyimpoqo. Izibhedlela, imitholampilo nezindlu zokuhlinzela zikleliswe phambili ekubuyiseni amandla ogesi.
Abathengi abanempahla kagesi yokuxhasa impilo esesimweni esibucayi emakhaya kufanele baxhumane nabaphakeli babo ukuze kwenziwe amalungiselelo afanele.
Ngenhloso yokulonda noma ukunweba umgamu wezintambo zogesi, umphakeli kagesi angabona isidingo sokucisha amandla ogesi egcekeni lomthengi. Ezigamekweni eziningi, umphakeli kagesi kufanele anike umthengi isaziso samahora okungenani angamashumi amane nesishagalombili senhloso yokucisha ukuphakelwa kogesi. Umphakeli uyosebenzisa uhlobo olufanele lwabezindaba ukwazisa abathengi ngosuku, isikhathi nobude besikhathi sokunqamula ugesi ngempoqo. Uma lokhu kungenziwa, umthengi kumele edlulise udaba kumphakeli lapho eyokhononda khona ngeqophelo lomsebenzi. Lesi simo asisebenzi lapho kudingeka umsebenzi omkhulu nophuthumayo wokulungisa. Isibonelo, isimo esingaholela ekulimaleni noma ekufeni kwelunga lomphakathi noma isimo lapho izintambo zingalimala kakhulu uma kuchitheka isikhathi.
Abathengi abaphila ngempahla esebenza ngogesi exhasa impilo emakhaya abo kufanele baxhumane nomphakeli kagesi ukuze benze amalungiselelo afanele.
Izinkomba ezilandelayo zibonisa izikhawu zokunqamuka kogesi okuyimpoqo nokungalindelwa ngabathengi bogesi abawukhokhela kuqala ngaphansi kwezimo ezehlukene zezintambo zogesi.
Abathengi abaphakelwa yizintambo ezihamba phezulu akufanele bahlangabezane nokunqamuka kogesi okuhleliwe okungaphezulu kwamahlandla ama-2 ngonyaka. Lesi yisikhathi esilinganiselwa ekunqamukeni kogesi okuphelele okungevile emahoreni ayisithupha kulowo nyaka.
Abathengi abaphakelwa yizintambo ezigqitshiwe akufanele bahlangabezane nokunqamuka kogesi okuhleliwe okungaphezulu ko-1 esikhathini esiyiminyaka emibili. Lesi yisikhathi esilinganiselwa ekunqamukeni kogesi okuphelele okungevile emahoreni ayi-6 kulowo nyaka.
Abathengi abaphakelwa yizintambo ezihamba phezulu akufanele bahlangabezane nokunqamuka kogesi okuhleliwe okungaphezulu kwamahlandla ama-3 ngonyaka. Lesi yisikhathi esilinganiselwa ekunqamukeni kogesi okuphelele okungevile emahoreni ayi-6 kulowo nyaka.
Abathengi abaphakelwa yizintambo ezigqitshiwe akufanele bahlangabezane nokunqamuka kogesi okuhleliwe okungaphezulu ko-1 ngonyaka. Lesi yisikhathi esilinganiselwa ekunqamukeni kogesi okuphelele okungevile emahoreni ayi-6 kulowo nyaka.
Abathengi abaningi bayahlupheka uma bezama ukuxazululelwa isikhalo noma befuna ukuthola ulwazi ngodaba oluthile.
Abaphakeli bogesi kufanele bazame ukuxazulula izinkinga eziningi ezethulwa ngocingo noma baxhumane ngqo ubuso nobuso nomuntu ngokushesha ngaphandle kokuchitha isikhathi.
Uma sikhona isidingo sophenyo, ofake isikhalo kufanele aziswe ngalokhu ngendlela ebhalwe phansi zingakapheli izinsuku ezimbili kanti inkinga kumele isonjululwe zingakapheli izinsuku ezimbili.
Nalapha, abaphakeli bogesi bayozama ukuxazulula ngokushesha iningi lemibuzo yabathengi eqondene nolwazi nezeluleko. Lokhu kuyokwenziwa ngokuhlangana ubuso nobuso nomthengi ngaphandle kokuchitha isikhathi.
Ngemuva kokuthola umbuzo ngocingo noma kumthengi ozifikele yena nalapho kubonakala isidingo sokwenza uphenyo, umphakeli kagesi kufanele aphendule umthengi zingakapheli izinsuku ezinhlanu.
Imibuzo ebhaliwe yohlobo olufanayo ephuma kubathengi kumele ixazululwe engakapheli amasonto amathathu.
Ngemuva kokuthola isicelo esibhaliwe nesiphathelene nomsebenzi ovame ukwethulwa ngumphakeli kagesi, umphakeli kufanele aphendule ngokubhalwe phansi engakapheli amasonto amabili.
Impendulo kummele ixube lonke ulwazi olufanele ukufeza leso sicelo.
Esikhathini esiningi, abathengi bogesi okhokhelwa kuqala babheke kakhulu izinto ezifana namandla aphezulu ogesi noma aphansi, izinga eliphakeme lokuphazamiseka kogesi okuphoqiwe noma okuhleliwe. Isikhathi esithathwayo ekulungiseni lezi zikhalo sibuswa yisigaba -NRS 047.
Ukugcizelela, abathengi kufanele banike abaphakeli isikhathi eside ngokwemukelekayo ukuze baxazulule izinkinga ezikhona. Izinkinga ezithile zingadinga ukuba abaphakeli bogesi benze izivivinyo, ukuhlela nomsebenzi wokwakha ngaphambi kokusombulula isimo. Noma kunjalo, abaphakeli bogesi kummele baqikelele uma besebenza ngabathengi. Udaba lungedluliselwa kwi-NER kuphela ngaphansi kweziwombe lapho umthengi engatholi khona ukweneliseka kumphakeli kagesi.
Njengoba kuchaziwe phambilini, abathengi abaningi bogesi okhokhelwa kuqala badinga imfundiso yendlela yokusebenzisa ugesi ngokuphephile nangendlela eyongayo. I-NER isikubonile lokhu, ngakho imihlahlandlela yemfundiso izokwenziwa ingxenye ye-NRS 047 esikhathini esizayo. Kunezinto ezithile zemfundo nolwazi esezenekiwe ezigabeni ezandulele. Noma kunjalo, bonke abaphakeli bogesi banesibophezelo sokufundisa abathengi ngezinto ezithinta ukuphepha nokusebenzisa ngendlela efanele ugesi. Kufanele abaphakeli basize nabathengi ngokukhiqiza amapheshana afanele emibhalo yolwazi nokuvakashela izikole nemiphakathi.
Ukuphinda, i-NER iyaqonda ukuthi abathengi abaningi abakhokhela ugesi kuqala abanazo izinsiza noma isibindi sokuxhumana ngqo nabaphakeli mayelana nezinkinga abahlangabezana nazo. I-NER ikhuthaza ukusungulwa kwezinkundla zabathengi lapha abathengi bengazwakalisa khona uvo nezinkinga zabo. Imihlahlandlela yalokhu itholakala kwi-NER (Bona imininingwane yokuxhumana).
